
I-Galaxy A33 5G yakwa-Samsung iphethe okuningi okuhlukile
Toby Shapshak
I-Galaxy A33 5G yakwa-Samsung inikeza amakhasimende ayo i-inthanethi ye-5G kanye nezinye izinto ngo-R7,000 nje kuphela.
Leyo imali encane uma uqhathanisa izinto ongazithola kuyona njengokuthi iyakwazi ukusebenza emanzini, inekhamera eseqopheleni eliphezulu nesikrini esihle kakhulu.
I-Galaxy A33 ifaka ama-SIM amabili nesikrini esingu-6.4in Super AMOLED. Ibonakalisa ngendlela efanayo nomakhalekhukhwini we-Samsung’s S-series, kodwa yona ihluke ngokuthi iphethe u-90Hz.
Isikrini esingu-1080p senziwe nge-Gorilla Glass 5 eqinile. Ngaphakathi kuneprosesa ye-Exynos yakwa-Samsung. Ine-6GB ye-RAM inesitoreji esingu-128GB kanye nendawo yokushaja ye-USB-C.
Izinto ezimbalwa ezisezingeni eliphezulu nazo zifakiwe:
I-fingerprint screen ingaphakathi kwesikrini futhi isilinganiso sayo se-IP67 senza umakhalekhukhwini ungangeni amanzi ngokuphelele uma uyikhipha ku-1m wamanzi phakathi nemizuzu engu-30.
Ukusethwa kwekhamera ye-A33 5G nakho kuyathandeka uma kuqhathaniswa ne-smartphone esingu-R7,000. Ilensi enkulu ine-angle engu-48-megapixel (MP), kuphinde kube no-8MP ultrawide kanye nekhamera enkulu engu-5MP. Abakwa-Samsung baphinde bafaka ikhamera ehlukile eno-2MP ethwebula izithombe ezikude.
Ikhamera iqopha ividiyo engu-4K nama-frame angu-30 ngesekhondi futhi izohlinzeka ngokurekhoda kwe-HD okungu-480fps. Ezithombeni ozishuthe zona kukhona ikhamera engu-13megapixel.
Ikwenza konke lokhu isebenzisa ibhethri engu-5,000mAh ekwazi ukusebenza usuku lonke. Uma ibhethri lehla kancane i-Galaxy A33 5G isekela ukushaja okusheshayo kwe-25W okuzogcwalisa umakhalekhukhwini ngesikhathi esifushane.
I-Galaxy A33 5G yakwa-Samsung iyakwazi ukuhlanganisa izithombe ezimangalisayo endaweni eyodwa. Okuhlaba umxhwele nakakhulu, i-Samsung yenze lokhu ngaphandle kokwenza izinguquko eziningi leli iqhinga eliphusile nelimangalisayo.
Ziningi izinto ozithola kulomakhalekhukhwini ngemali encane nje.
UToby Shapshak ungumhleli omkhulu we-Stuff Studios.

Abakwa-Samsung bakulethela i-Galaxy A23 entsha
Toby Shapshak
Abakwa-Samsung bakhiphe umakhelekhukhwini omusha abawubiza “ngohamba phambili” futhi ngeke ukuphikise lokho.
unesikrini esimangalisayo, amakhamera ancomekayo, nebhethri emangalisayo. Kunzima ukungavumelani nabakwa-Samsung mayelana nokuthi umakhalekhukhwini wabo uhamba phambili.
Isikrini sikhulu futhi sibushelelezi sakhiwe ngama-inch angu-6.6 okungu-167.2mm futhi sinemibala egqamile ngendlela emangalisayo kanti lokho bekulindelekile kwi-Samsung.
Lomakhalekhukhwini une-1080 x 2408 we-FHD+ kanye nezinga eliphezulu elingu-90Hz kanti ividiyo iveza kahle ngendlela emangalisayo futhi inezithombe ezigqamile.
Uma bethi lomakhalekhukhwini uhamba phambili, ingabe baqonde ikhamera yangemuva enamalensi amane?. I-main 50 megapixel (i-MP) yakhiwe ngamalensi angu-5MP okuyiwona amakhulu, u-2MP ongena kwi-macro lens kanye ne-depth camera engu-2MP.
Ine-Ultra-wide eyodwa kanti kufanelekile ukuthi ibe sematheni njengoba ine-angle yokubuka engu-123-degree efana namehlo omuntu. Lokho kusho ukuthi izithombe ezibanzi ozishuthayo zizobukeka kahle emehlweni akho.
Amakhamera aphinde abe ne-optical image stabilization (i-OIS), ebamba ikhamera uma kwenzeka kukhona ukunyakaza.
Kodwa njengoba sibhekene nenkinga yokucishwa kukagesi, into enhle ngalomakhalekhukhwini uno-5,000mAh owenza ingacishi futhi uhlale izinsuku ezimbili. Lokhu kuwusizo ikakhulukazi uma kuhambe ugesi.
Lomakhalekhukhwini ungadlala izingoma kuze kufike emahoreni angu-174 futhi unomsindo we-Dolby Atmos. Leli zinga lokulalela likhombisa isimangaliso salomakhalekhukhwini.
Le-Galaxy A23 inama-edges ayisimangaliso. Yenziwe ngendlela ye-Ambient Edge yakwa-Samsung ehlanganisa ikhamera yangemuva eyangaphambili kanye nendlela eyakhiwe ngayo. Okunye ngalomakhalekhukhwini unenkinobho okwazi ukubeka kuyo umunwe wakho bese uyavuleka.
Ingabe abakwa-Samsung baqinisile uma bethi umakhalekhukhwini wabo omusha i-Galaxy A23 ngohamba phambili? Impela kunjalo ngoba uyamangaliso.
UToby Shapshak ungumhleli omkhulu we-Stuff Studios.

I-Samsung Galaxy A03 Core esebenza kahle kakhulu
Toby Shapshak
Ngesikhathi omunye wethimba le-Scrolla egqekezelwa ekuqaleni konyaka odlule futhi entshontshelwa umakhalekhukhwini, sazama kanzima ukumtholela umakhalekhukhwini omusha.
Kwakufanele ube nesikrini esikhulu esicacile sokuthi akwazi ukufunda umbhalo kuso.
Bekufanele ibe nezikhala ezimbili ze-SIM card, enye isetshenziselwe izinto zakhe ngesikhathi enye kungeye-data esiyihlinzekayo.
Bekudingeka ukuthi ube nebhethri elikhulu ukuze usebenze noma ugesi ungekho.
Bekudingeka ukuthi ube nesitoreji esanele nendawo yekhadi le-SD ukuze athole okwengeziwe.
Futhi, ekugcineni, bekudingeka ukuthi ubize inani eliphansi.
Yimuphi umakhalekhukhwini esiwuthengile?
Sithenge i-Samsung Galaxy A03 Core enakho konke okubalwe ngaphezulu
Futhi ibiza imali engu-R1,800 kuzo zonke izitolo.
Sasidinga umakhalekhukhwini osheshayo esizowuthola ngenani eliphansi. Ine-1.6GHz octa-core chip (i-octo isho ama-processor cores ayisishiyagalombili kanye no-2GB we-RAM. Ino-32GB wesitoreji sangaphakathi, kodwa wengeza kufike ku-512GB microSD.
Ibhethiri licaciswe ngokwedlulele kulolu hlobo olunikezwayo - i-5,000 mAh emangalisayo.
Ngeke uphinde ukhathazeke ngokuqeda usuku lonke ulisebenzisa futhi, mhlawumbe ngisho nezinsuku ezimbili, kuya ngokuthi uyisebenzisa kanjan.
Esinye sezizathu esenza ukuthi i-A03 Core isebenze kahle kungenxa yokuthi isebenzisa uhlelo lwe-Android 11 Go, inguqulo engasindi ye-Android eyenziwe ngokukhethekile ukufaka amadivayisi ezinga lokungena ano-2GB we-RAM.
I-Galaxy A03s
Isibonisi: esingu-6.5in se-HD+
Imemori: 3GB RAM + 32GB ROM
Ikhamera yangemuva: 13MP + 2MP + 2MP
Ikhamera yangaphambili: 5MP
UToby Shapshak ungumhleli omkhulu we-Stuff Studios.