Scrolla logo
Shoprite bank account

Abalandeli baZuma bamcasukele

Celani Sikhakhane

Amalungu eRadical Economic Transfomatuon (RET) awayizwa kahle eyokuthi lowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma aphakamise ukuba aseke lowo owayengunkosikazi yakhe uNkosazane Dlamini-Zuma.

Kubikwa ukuthi ngomhlaka-12 kuMandulo uZuma utshele uNobhala Jikelele we-ANC osamisiwe u-Ace Magashule kanye nethimba lakhe eNkandla ukuthi unethemba lokuthi bazokwesekela uDlamini-Zuma kwesobuMengameli.

Amaqabane e-RET abhekisa amabombo eNkandla ngeSonto ukuyofuna ukucaciseleka ngalolu daba ngaphambi kwengqungquthela ka-55 yokukhetha ubuholi be-ANC.

Ababambe iqhaza kwi-Whatsapp Group yabangani bakaJacob Zuma bafuna uZuma aziqhelelanise nowayengunkosikazi wakhe njengoba bekholelwa ukuthi ubeseka uRamaphosa kusukela ngo-2017 ngemuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi e-Nasrec.

“Siyakubona ukuchithwa kukamama uZuma ngamaqabane e-RET. Kimina uphumile. Yize amaqabane enawo umlando ngoLindiwe Sisulu, okungenani waphumela obala ngamaphutha e-ANC okuhlanganisa nendlela aziphatha ngayo mayelana namaqabane e-RET kanye nemigomo uma uthanda. Ube nesibindi sokusijoyina eNkandla ngesikhathi engafanele ukwenza lokho,” kusho omunye obebambe iqhaza.

Okhulumela i-RET uNkosentsha Shezi ukuqinisekisile kwi-Scrolla.Africa ukuthi ngempela bazohlangana nowayenguMengameli njengomholi wabo ukuze kudingidwe izindaba ezithile ngeSonto.

Kodwa-ke “uma sikhuluma ngabaqokelwe i-ANC sikwenza lokho njengamalungu e-ANC emagatsheni ethu, hhayi njengeqembu le-RET,” kusho uShezi.

Ngo-2016 uZuma watshela amaqabane akhe e-Greytown ngesikhathi kukhunjulwa isishoshovu uFlorence Matomela ukuthi i-ANC kumele igcinwe emndenini wakwaZuma naseNkandla.

Ngaleso sikhathi, ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi e-Nasrec uDlamini-Zuma wayesakhankasela isikhundla sikaMengameli we-ANC.

Okhulumela iNhlangano kaJacob Zuma uMzwanele Manyi, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abaphawuli ngezindaba zezombusazwe ngoba bakwinhlangano kaZuma kuphela.

Samsung