Scrolla logo
Siza Chat Umngane wakho we-AI ungakhuluma naye mahhala, angeke aqede idatha lakho

Abebhodi le Ngonyama Trust basola uNdunankulu kaZulu ngokuxhomondela

Isikhulu esibambile ebhodini le Ngonyama Trust sisola uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngokuxhomondela emhlanganweni wamakhosi esikhala ngokuthi ucishe wonakala ngenxa yakhe.

UMnuz Siyamdumisa Vilakazi ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu ngesikhathi bephothula lo mhlangano wokuthola iqhingasu ukuze kuphuculwe ukusebenza komhlaba ophethwe amakhosi nokusiza ukuba eminye yemithetho angafisa ukuba iguqulwe noma ihleleke kabusha ukuze ihambisane nesikhathi samanje.

Uthe uButhelezi inkulumo yakhe yaphithanisa abantu abaningi amakhanda okubalwa izihambeli zemikhakha eyahlukene kanye namakhosi nezinduna.

NgoMsombuluko uNdunankulu kaZulu ufike kulo mhlangano wababaza ubuhle bawo wayesetshela amakhosi ukuthi wenziwa kanjani lo mhlangano ISilo uMisuzulu kaZwelithini singabikelwe ekubeni singuSihlalo walo ibhodi.

Uthe iSilo aseneme neze nokuthe ngemuva kwalokho wahola ithimba laseNdlunkulu baphuma bajokola bawushiya.

UVilakazi uthi izimenywa ebezizochazela amakhosi ngokuthinta umhlaba wawo okubalwa nezimenenja zomasipala ezinye zigcine zihamba, zasale sezixoxa naye eceleni ngezeluleko ebezinazo ukuze kusizakale amakhosi ezizwe.
“Baningi abantu esasibamemile ohlelweni lwangoMsombuluko ukuba bezochushisa amakhosi nokuba nawo akwazi ukuveza afisa ukukukhuluma kwibhodi le Ngonyama Trust kodwa ngenxa yenkulumo yakhe yokuba usomathuba kuningi okwacishe konakala. Nokho yinto lena esesiyibonile ukuthi isazoqhubeka nokwenzeka ukuphazamisa ukusebenza kwebhodi,” kuchaza uVilakazi.

Uthe ngenxa kaButhelezi ezinye izihambeli namanye amakhosi baphuma bahamba kodwa amanye abuya emva kwesikhathi nokwenza umhlangano waqhubeka.

Phakathi kwezinto uVilakazi adalule ukuthi kuxoxwe ngazo kubalwa ukuphathwa komhlaba, ukusetshenziswa kwawo, ubudlelwano nohulumeni nabaholi beNdabuko nokunye okuthinta ukusebenza kwezimali.

Uthe amakhosi abuye athola ithuba lokubuza imibuzo ngolwazi abengenalo ngemihlaba yawo.

Uthi abakwenzayo manje ukuba Ingonyama Trust ikwazi ukusebenza ngendlela eyaphambili nemiphakathi kanye namakhosi nanokuthi isizakale ngezimali zezizwe eziqoqwa Ingonyama Trust.

Uthe abafuni bagcine ngokukhuluma nje kodwa abakubeke phambili ukuba nemihlangano namakhosi bese kuyasetshenzwa.

Join our WhatsApp Channel
for news updates