I-Airlink ihoxise uhlelo lokundiza phezu kwe-FNB Stadium
I-Airlink ihoxise uhlelo lwayo lokundiza phezu kwe-FNB Stadium ngaphambi komdlalo phakathi kwama-Boks nama-All Blacks ngenxa yokuthi isimo sezulu esibikezelwe asibavumeli ukuthi benze loluhlobo lokundiza.
I-Airlink ihoxise isicelo sayo sokundiza phezu kwe-FNB Stadium ngemuva kokunquma ukuthi isimo sezulu esilindelekile besingaphephile ukuthi benze i-formation flying.
I-Sacaa isabheka imininingwane ephathelene nokundiza kwe-Airlink phezu kweCape Town okwaba yindaba enkulu ezinkundleni zokuxhumana, yize lokho kundiza kwakuvunyelwe kusenesikhathi.
Abalandeli bamaSpringbok nama-All Blacks ngeke bawubone omunye umbukiso wokundiza okuhlaba umxhwele kwe-Airlink phezu kwe-FNB Stadium.
I-Airlink ihoxise isicelo sayo sokundiza ngaphambi komdlalo wesithathu womncintiswano omkhulu we-rugby ngoMgqibelo ngenxa yesimo sezulu esilindelekile.
Ngokusho kwephephandaba i-The Citizen, isikhulu esiphezulu se-Airlink u-de Villiers Engelbrecht sithe ukuphepha kumele kuqale kuqala.
"Siyaxolisa ngokudumaza abalandeli nabasekeli, kodwa ukuphepha kuza kuqala," kusho yena.
Lesi sinqumo silandela ukundiza kwale nkampani yezindiza phezu kweCape Town Stadium okwaba yindaba enkulu ngaphambi komdlalo wesibili.
Izindiza ezimbili i-Embraer, enye inemibala eluhlaza negolide kanti enye imnyama zindizele phezu kwenkundla egcwele abantu.
Lo mbukiso udonse amehlo omhlaba wonke, wathola ukutuswa kanye nokugxekwa.
I-South African Civil Aviation Authority (Sacaa) manje ihlola imininingwane evela kumishini eqopha ukuhamba kwezindiza kanye nolunye ulwazi oluphathelene nalolo hambo lokundiza.
I-Sacaa ithe yayivumile indiza kusenesikhathi kodwa kamuva yaqala ukuhlola ukuthi ngabe imithetho nemigomo yayilandelwe yini nokuthi ngabe kukhona yini izinkinga zokuphepha ezidinga uphenyo olwengeziwe.
I-Airlink igcizelela ukuthi indiza yaseCape Town yenziwa ngokuphepha.
Le nkampani yezindiza ithe zombili izindiza zazino-kaputeni abathathu abanolwazi olunzulu futhi abasebenzi bezindiza babenamahora okundiza angaphezu kuka-75,000 bebonke.
Iphinde yathi izindiza zahlala ngaphakathi kwemingcele evunyelwe.
I-Airlink izinikele ngokuzithandela imininingwane yedijithali yendiza ku-Sacaa ngenxa yentshisekelo enkulu yomphakathi.
Le nkampani yezindiza yayifake isicelo sokundiza kathathu ngesikhathi salolu chungechunge lwemidlalo ye-rugby. Eyokuqala yenzeke eGoli ngomhlaka-22 kuNcwaba kanti eyesibili yenzeke eKapa ngemva kwesonto.
Manje ngeke kube khona ukundiza kwesithathu phezu kwe-FNB Stadium.
Esithombeni esingenhla: Izindiza ezimbili zakwa-Airlink zindiza phezu kwe-DHL Stadium eKapa.
Umthombo wesithombe: @Fly_Airlink