Amakhosi asekulungele ukuxosha uNabi ngemuva kokuthi i-Pirates ilahlekelwe uRiveiro

I-Orlando Pirates ikuqinisekisile ukuthi umqeqeshi uJose Riveiro uyashiya ngemuva komdlalo wangoLwesibili, kanti umsizi wakhe uMandla Ncikazi uzothatha izintambo kuze kuphele isizini.
I-Kaizer Chiefs ibingakaqinisekisi lutho ngokusemthethweni, kodwa abangaphakathi bathi iqembu lihlela ukuxosha uNasreddine Nabi kanye nethimba lakhe lobuchwepheshe.
I-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs kulindeleke ukuthi balahlekelwe ngabaqeqeshi babo abaqashwe ngesizini edlule.
I-Pirates isikuqinisekisile ukuthi umqeqeshi uJosé Riveiro uzolishiya iqembu ngemuva komdlalo wangoLwesibili ne-Golden Arrows.
Lo mqeqeshi wase-Spain ucele ukuhamba ngemuva kokuvumelana neqembu elisha, amaBhakabhaka avuma.
Umsizi womqeqeshi uMandla Ncikazi nguyena ozophatha imidlalo emine yokugcina, kanti oyi-analyst uRayaan Jacobs nguyena ozongena njengomsizi wakhe.
Usihlalo weqembu u-Irvin Khoza umncomile umqeqeshi oshiyile.
“Igalelo lakhe libe likhulu, yize besincamela ukuthi simvalelise ngendlela efanelekile kodwa siyasihlonipha isinqumo sakhe,” kusho uKhoza.
Ukuphuma kuka-Riveiro kulandela ukuhlulwa okubuhlungu. I-Pirates ikhishwe ku-CAF Champions League, yahlulwa i-Sundowns koweligi, yaphinde yashaywa i-Chiefs kowamanqamu kwi-Nedbank Cup.
Khonamanjalo, eNaturena, i-Kaizer Chiefs kunamahlebezi okuthi ilungiselela ukuxosha umqeqeshi uNasreddine Nabi nethimba lakhe lobuchwepheshe ekupheleni kwesizini, noma ngabe imidlalo yabo yokugcina izohamba kanjani.
Ngokubika kwe-Sunday Times ibhodi selihlangene lanquma ukuyiqeda kusenesikhathi inkontileka yakhe nakuba iqembu lingakakuqinisekisi lokhu.
UNabi, oqashelwe ukwakha kabusha iqembu futhi abuyise udumo, wehlulekile ukuhlangabezana nezinto ebezidingeka, okuhlanganisa ukuqeda endaweni yesithathu noma ukwakha isitayela sokudlala esiqinile.
I-Chiefs imeseke ngo-R100 million kanye nabadlali abangu-10 abasha, kodwa imiphumela ayihambisani nemali etshaliwe.
Iqembu lakhe lihlezi endaweni yesishiyagalolunye njengoba sekusele imidlalo emibili, libeka engcupheni enye isizini ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu. Irekhodi lakhe usewine imidlalo engu-13, wadlala ngokulingana imidlalo engu-7 wahlulwa kawu-13 emidlalweni engu-33.
Umqondisi wezemidlalo uKaizer Motaung Jr akakakulungeli ukumxosha okwamanje. Ekhuluma emsakazweni, uthe: “Umqeqeshi usethole enye isizini ngemuva kwalokhu manje. Njengamanje sihlela ikusasa le qembu.”
UNabi ukholelwa ukuthi ukunqoba kwakhe i-Nedbank Cup kwakamuva kufakazela ukuthi kumfanele isikhathi esengeziwe. “Le ndebe izongisiza ukuthi ngiqhubeke nohlelo lwami futhi inikeze abalandeli ukuzethemba kulo msebenzi,” kusho yena.
Osesithombeni esingenhla: UNasreddine Nabi.
Umthombo wesithombe: Ifayela