Amaphoyisa afuna izimpendulo njengoba uBrown Mogotsi engakafiki ukuzobhala isitatimende emaphoyiseni

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokuzama ukubulala ngemuva kokuthi usomabhizinisi ophinde abe yilungu le-ANC uBrown Mogotsi ephume engenamyocu esigamekweni sokudutshulwa e-Vosloorus.
UBrigadier Athlenda Mathe uthi uMogotsi uthembise ukuthi uzobika emaphoyiseni ase-Vosloorus kodwa akakafiki ukuzonikeza isitatimende sakhe.
Amaphoyisa athi usomabhizinisi ophinde abe yilungu le-African National Congress uBrown Mogotsi akakasikhiphi isitatimende sakhe ngemuva kokusinda esigamekweni sokudubula e-Vosloorus, eKurhuleni, ngoMsombuluko ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi isigameko sokudubula senzeke ng-10:00 ebusuku. Amaphoyisa nongoti bezobunhloli bathunyelwe endaweni yesigameko ukuyolanda ubufakazi.
Amaphoyisa ase-Gauteng avule icala lokuzama ukubulala. Imoto yohlobo lwe-Chevrolet ebomvu abehamba ngayo uMogotsi ibanjwe ngamaphoyisa, umnikazi wemoto uyaziwa.
UMathe uthe uMogotsi kulindeleke ukuthi azethule esiteshini samaphoyisa e-Vosloorus ukuze avule icala futhi anikeze nesitatimende sakhe.
Simgqugquzele ukuthi avule icala, kodwa wathi uhlukumezekile futhi akazizwa ephephile. Uthembise ukuthi uzoba lapha ngo-8 ekuseni, kodwa sisamlindile,” kusho uMathe.
Uqhube wathi akukacaci ukuthi uMogotsi ubephumaphi noma eyaphi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
“Leyo ngeminye yemininingwane esizoyiqoqa kuyena, nokuzosisiza ukuthi siqonde ukuthi kwenzekeni,” kusho uMathe.
Umakhelwane oseduze nothelawayeka u-N3 utshele iScrollla.Africa ukuthi uzwe kuqhuma isibhamu ngabo-10:00.
“Angazi ukuthi siqhume kangaki isibhamu, kodwa kwenzeke khona ngaphandle kwendlu yami,” kusho yena.
Igama likaMogotsi selivele kwiKhomishini kaMadlanga yoPhenyo kanye nasekomidini lePhalamende eliphenya ngezinsolo zenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa, okuyinto ayiphikayo.
Osesithombeni esingenhla: UBrown Mogotsi.
Umthombo wesithombe: Ifayela