Scrolla logo
Siza Chat Umngane wakho we-AI ungakhuluma naye mahhala, angeke aqede idatha lakho

Ayaphambuka amaKomanisi ngemibono kaKarl Marx egxeka ubukhosi

Ezobukhosi:Ngasosonke isikhathi uma amakomanisi egxoba ubukhosi bamazwe ase-Afrika,ahlale ecaphuna imibhalo kaKarl Marx waseGerman owayebuka ubukhosi bamazwe aseNtshonalanga njengogombela kwesabo abancela igazi labampofu kodwa kukhona abathi imibhalo kaMarx iyawadukisa amakomanisi ngoba wayengazi lutho ngobukhosi base-afrika.

Izifundiswa eziningana eNingizimu Afrika zithi amakomanisi akulelizwekazi okuyi-Afrika, ayibamba lapho ingalele khona ngemibono kaMarx ngoba lo muntu wayengakaze alubhade ngisho kwelilodwa izwe lase-Afrika ngakho akukho ayekwazi ngobukhosi bakhona.

Omunye woSolwazi, uJabulani Maphalala useke wayilwa kakhulu le ndaba yezinkulumo ezingehli kahle ngobukhosi ezivela kwabanye abaholi abadlelana namaKomanisi njengoba ekhala ngokuthi basabalalisa imfundisoze yaseNtshonalanga engahambisani nobu-Afrika ngesakhiwo sobukhosi.

Ngakolunye uhlangothi uSolwazi Mathole Motshekga wesizwe saBabolabedu uthi sekukaningi lapho abaholi bamaKomanisi abalwa nobukhosi becaphuna imibhalo kaMarx ekubeni engakaze alubhade ngisho e-Afrika.

“Bahlale becaphuna imibhaklo kaKarl Marx ngezinto ezingezinhle ayezisho ngobukhosi, kodwa iqiniso ukuthi wayengakhulumi ngobukhosi base-Afrika noma wayengakaze alubhade kulelizwekazi ngisho esaphila.

Kunalokho wayekhuluma ngobukhosi bamazwe aseNtshonalanga. Ubukhosi base-Afrika awukwazi ukubuqhathanise nobamazwe aseNtshonakanga ngoba bona buhamba nenyandezulu.

Akusibona nje ubukhosi bokuzicebisa nokuba ogombela kwesakhe nokuphendula abantu izigqila kodwa bungumbuso oncike kwinyandezulu okuyinto leyo uKarl Marx ayengayazi,” kusho uMotshekga.

Ukusho lokhu nje amaKomanisi ahlale abenemikhankaso ikakhulukazi ezweni leNgonyama uMswati III bethi akagudluzwe esikhundleni ukuze izwe lingaphathwa ubukhosi kodwa liphathwe ngokwamaqembu ezepolitiki akhethwe abavoti.

Lo ukhona nasemazweni azana neBrithani lapho kunamaqembu angakholelwa ekutheni kube nombuso ophethwe ubukhosi kodwa afuna kuphathwe izwe ngokwentandoyabantu ngokuthi bavotele amaqembu abawathandayo. Abanye bakholelwa ekutheni ubukhosi busuke buzoncela igazi labampofu ngokuthi amalunga emindeni abenengcebo yasebukhosini abenengcebo okwedlula izakhamizi ezejwayelekile emphakathini.

Yilokho ke amakomanisi angahambisani nakho akubiza ngokuthi umbuso wongiwa nokuyimibono kaMarx ayechaza ngayo ubukhosi uma ehlaziya ngezikhathi zakhe.

“Awukwazi ukuqhathanisa ubukhosi baseNtshonalanga nobase-Afrika lokhu kuyafana nalento yokuthi yize inkolo yayikhona e-Afrika abantu beyazi kodwa abamhlophe bafika nayo ngenye indlela sebeveza owesifazane omhlophe nendodana yakhe emhlophe bethi uyena mariya noJesu. Lokho kuchaza ngokusobala ukuthi bona inkolo bayithatha ngendlela eyehlukile neyethu nama-Afrika esasivele sikwazi ukuthi ukhona umdali noma uMvelikuqala owadala konke koda nona basebemveza engumlungu,” kusho uMotshekga.

Join our WhatsApp Channel
for news updates