Babhekene nenkinga yokungakwazi ukwenza izifundo zobuchwepheshe abafundi base-Gauteng

UMnyango wezeMfundo e-Gauteng uthi udinga abanye othisha abangu-300 be-coding ne-robotics abazofundisa uGrade 10 kuya ku-12.
Izikole eziningi esifundazweni namanje azinawo ugesi, i-internet namakhompuyutha okwenza kube nzima ukufundisa izifundo zobuchwepheshe.
Abafundi base-Gauteng basala emuva njengoba ukushoda kothisha kuvimbe izikole ekufundiseni i-coding ne-robotics nezinye izifundo ezibalulekile zobuchwepheshe.
UMatome Chiloane, oyiLungu lesigungu esiphezulu kwezeMfundo e-Gauteng, empendulweni yakhe ebhaliwe uthe isifundazwe sishoda ngothisha be-coding ne-robotics abazofundisa u-Grade 10 kuya ku-12.
Kuphinde kushoda othisha abangu-35 be-computer application technology nabangu-36 be-Information Technology emabangeni afanayo.
Izifundo zezibalo nazo ziphazamiseka kakhulu njengoba kudingeka othisha abangu-227 be-pure maths nabahlanu be-maths literacy.
I-Democratic Alliance (DA) e-Gauteng iphakamise lolu daba esiShayamthetho sesifundazwe. Okhulumela i-DA uMichael Waters uthe ukushoda kothisha akwamukelekile futhi kukhombisa ukuthi abafundi abalungiselelwanga kahle ikusasa.
Uthe umgomo kazwelonke uthi kumele kufundiswe nge-coding kusukela kwa-Grade R, kodwa isifundazwe siyehluleka ukwenza lokho.
UWaters uxwayise ngokuthi isifundazwe asisoze sakha abasebenzi abaqinile bezobuchwepheshe uma singazigcwalisi lezi zikhala zokufundisa ezibucayi futhi silungise izinkinga eziyisisekelo zengqalasizinda.
Uthe: “Umnotho wedijithali ukhula ngokushesha, kodwa abafundi base-Gauteng basala emuva.”
Uphinde waveza ukuthi izikole eziningi azikakabi nawo ugesi, i-internet namakhompuyutha okwenza kube nzima ukufundisa i-information technology noma ukubhala ngekhodi.
UWaters wengeze ngokuthi le nkinga ingase ibe nkulu njengoba cishe ingxenye yothisha abakhona kulindeleke ukuthi bathathe umhlalaphansi eminyakeni engu-10 ezayo.
Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe uMatome Chiloane.
Umthombo wesithombe: UMnyango wezeMfundo e-Gauteng