IBanyana inqobe iNigeria ukuze igcine iphupho layo leNdebe Yomhlaba liphila
IBanyana inqobe iNigeria ngo 2-1 eCasablanca ukuze ifinyelele emdlalweni wokuhlungela iNdebe Yomhlaba phakathi kwamazwekazi (intercontinental playoffs) futhi igcine ithemba layo leNdebe Yomhlaba ka-2027 liphila.
UThembi Kgatlana noRefiloe Jane bashaye amagoli ngesikhathi iBanyana inqoba iNigeria ngo 2-1 ukuze ifinyelele emdlalweni wokuhlungela iNdebe Yomhlaba phakathi kwamazwekazi.
IBanyana iqede umdlalo inabadlali abangu-10 ngemuva kokukhishwa kukaJane ngekhadi elibomvu kodwa yakwazi ukumelana nesimo naphezu kwephenalthi iNigeria eyithole sekusele isikhathi esincane.
IBanyana Banyana igcine iphupho layo leNdebe Yomhlaba ka-2027 liphila ngokunqoba okukhulu ngo 2-1 ibhekene neNigeria ngoLwesine ebusuku.
Lokhu kunqoba eCasablanca kuqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika ithola enye yezindawo ezimbili zase-Afrika emdlalweni wokuhlungela iNdebe Yomhlaba phakathi kwamazwekazi.
IBanyana isenohambo olude oluya eBrazil.
Isigaba sokuqala sokuhlunga sizoba ngoLwezi (November) nangoZibandlela (December), lapho amaqembu ayisithupha ezolwela izindawo ezimbili zomjikelezo olandelayo.
Lawo maqembu amabili anqobile azobe esejoyina amanye amaqembu amane angadlali kulesi sigaba sokuqala ngoNhlolanja (February), lapho kuzonqunywa khona izindawo ezintathu zeNdebe Yomhlaba.
INingizimu Afrika kwadingeka ilwe kuze kube sekupheleni komdlalo ibhekene neNigeria.
UThembi Kgatlana uvule irekhodi lamagoli ngomzuzu ka-56 ngemuva kokuthola ibhola kuHildah Magaia ngaphakathi ebhokisini.
Bekuyigoli likaKgatlana lesi-37 leBanyana.
Unozinti uKaylin Swart uvimbe ngaphambi kokuba iNingizimu Afrika yandise igebe lamagoli.
UKarabo Dhlamini ufake ibhola le-corner, kwathi ngokukhahlela kukakaputeni uRefiloe Jane kwashintsha indlela ibhola elihamba ngayo (kwathinta omunye umdlali) ngaphambi kokudlula unozinti weNigeria uChiamaka Nnadozie ngomzuzu ma-77.
Kube nesimo esishubile ngasekupheleni kwesikhathi esengeziwe somdlalo.
UJane ukhishwe enkundleni ngemuva kokuba ukubuyekezwa kwe-VAR kuthole ukuthi uthinte ibhola ngesandla ngaphakathi ebhokisini.
UChristy Ucheibe ushaye leyo phenalthi ngomzuzu ka-93 kwaba ngu 2-1. Kodwa iBanyana yamelana nesimo nakuba yayinabadlali abangu-10, yaze yaqeda ngokuwina okukhulu ibhekene nezimbangi zayo zakudala.
Esithombeni esingenhla: Abadlali beBanyana Banyana.
Umthombo wesithombe: @CAFWomen