Bakhala bayazithulisa abeDundee July abangakhokheliwe
Bakhala bayazithulisa abemfashini abanqoba emqhudelwaneni wamahhashi weDundee July njengoba bethi sekuphele izinyanga ezintathu bengakaze bakhokhelwe.
Basola uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko ngokubenzela phansi nkubahlukumeza ekubeni babezimisele ukuqhakambisa lo mqhudelwano okhula ngesivinini.
UMnuz Mthunzi Mthembu ongomunye wabasiki bengqephu uthe akasazi ukuthi yini okumele bayenze ngoba nezikhulu zoMnyango azisazibambi izincingo zabo.
"Ayiqali ukwenzeka lento njengoba nangonyaka ka-2024 sabanenkinga efanayo bengasikhokhelile izinyanga ezintathu zonke. Kumanje mina laba ababekhangisa ngengqephu yami abanqoba bayakhala ngoba sebebona nokuthi ngiqamba amanga uma ngithi imali ayikaze ikhokhwe.
Kunosisi ebesixhumana naye okuthiwa uThembi osebenzisana noSandile Mbonani eMnyangweni. Usitshele ukuthi iThala seliyifakile imali ngakho sebezosikhokhela kodwa kuze kube manje kumnyama kanti naye akasazibambi izincingo zethu," kusho uMthembu.
Uqhube wathi kumanje unohambo olubheke eSeychelles ukuyokhangisa ngengqephu kodwa imali akanayo ngoba akakhokheliwe.
UMnuz Sandile Mbonani woMnyango uthe bayasiqonda isimo esibhekene nabasiki bengqephu kanye nabakhangisi bayo ngoba kubenenkinga ebengaphezulu kwamandla abo.
"Esingakusho ukuthi kubenenkinga ngenxa yokuthi bekumele bakhokhelwe iThala okuyilo elalixhase umkhakha wabo. Kube sekuba nokuthi Ithala angeke likwazi ukubakhokhela ngamunye kodwa imali yabo lizoyifaka eMnyangweni ukuze kubeyithi esibakhokhelayo," kusho uMbonani.
Uqhube wathi kumanje basenzihlelweni zokuba bakhokhe ngoba bayaxhumana nabathintekayo.
Uveze nokuthi laba ababekhokhelwa uMnyango ngqo njengabaculi bakhokhelwa ngaphambi komhlaka-15 kuNcwaba (August).
Uthe kumanje bamatasa balungisa ukuba kukhokhelwe bonke laba abasele.