Ezifingqiwe zase-KZN: Amaphoyisa abophe abangu-15 endaweni edume kakhulu ngobugebengu eThekwini
UCelani Sikhakhane ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni.
EThekwini – Kuboshwe abantu abavela emazweni angaphandle abangu-15 abangenazo izincwadi zokuba kuleli, kwathi abantu abangaphezu kuka-100 abangenamakhaya bathathwa ngesikhathi kugaselwa entathakusa ngoMsombuluko. Lokhu bekuyingxenye yomkhankaso owenziwayo wangaphambi kwamaholidi azayo oholwa yisifunda saseThekwini enkabeni yeTheku. Amaphoyisa e-SAPS abebambisane nehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli kulokhu kugasela. Njengoba sekusondele isikhathi samaholidi kaKhisimusi, amaphoyisa aseThekwini, neHhovisi likaNdunankulu, uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, amaphoyisa kaMasipala noMnyango wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi, bagasele endaweni yase-Albert Park, esiphenduke isizinda sobugebengu obufana njengokweba izimoto, izigameko zokuphihliza amawindi ezimoto kanye nokubamba inkunzi.
E-Bergville – Amaphoyisa ase-Bergville abophe umsolwa oneminyaka engu-33 ubudala ngemuva kwamahora ambalwa egwaze wabulala amalungu omndeni wakhe amahlanu walimaza nabanye ababili e-Bethany e-Bergville ngoMgqibelo ebusuku. Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yase-Bergville ngoLwesibili, mhlaka-15 kuMfumfu, ukuze abhekane namacala amahlanu okubulala namabili okuzama ukubulala.
EThekwini – Njengengxenye yemizamo eqhubekayo kamasipala yokunciphisa amanzi anagafiki kubantu, uphiko lwamanzi nokuthuthwa kwendle seluqale uvivinyo lokufaka imishini emisha ezingxenyeni zamanethiwekhi okusabalalisa amanzi edolobheni. Lawa madivayisi akala umthamo wamanzi kanye nomfutho kunoma iyiphi indawo ephakelwa inethiwekhi ukuze kuhlaziywe izidingo zamanzi. Inhloso wukuthuthukisa ukusatshalaliswa kwamanzi kanye nokwandisa ukuphathwa kwezingabunjalo (quality) bawo.
Esithombeni ngenhla: Babalelwa ku-15 abokufika ngokungemthetho kuleli ababoshwe ngoMsombuluko ekuseni ngesikhathi kugasela amaphoyisa e-SAPS kanye nehhovisi likaNdunankulu.
Umthombo: Zandile Shange/ihhovisi likaNdunankulu