I-NFP ixoshe owayeyimeya edumile yakwaNongoma ngoba isolwa ngobuvila eqenjini

Umengameli we-NFP uMnuz Ivan Barnes uxoshe inqalabutho yaleli qembu edumile ngoba eyisola ngobuvila nokungafuni ukuvuselela ubulunga beqembu.
UMnuz Jeremiah Mavundla owabayingxenye yokusungulwa kwe-NFP uxoshwe ngomhlaka-27 kuLwezi.
Ngokwencwadi abhalelwe yona uBarnes uthi kuye bekungasaxhumaneki naye futhi ubevilapha engafuni nokuvuselela ubulunga beqembu.
Okwamanje akucaci noma uMavundla usekhishiwe yini ebukhanseleni kumasipala waseZululand.
“Iqembu lizamile ukuxhumana nawe ngokwehhovisi likaMgqugquzeli kazwelonke kodwa ubungatholakali. Iqiniso ukuthi kugcine ukuxhunameka nawe ngomhlaka-30 kuMfumfu ka-2024 mayelana nokusebenza kwakho eqenjini. Kuphinde kwangatholakala impendulo ngomhlaka-31 kuMfumfu wakulo nyaka mayelana nokuvuselelwa kobulunga bakho,” kusho uBarnes encwadini.
Uthe ngenxa yalezi zizathu nokuthi uMavundla ubhokelwe ubuvila akenzi lutho eqenjini bayamxosha futhi banqamula nobulunga bakhe.
UMavundla wabayiMeya yokuqala yeNFP ngonyaka ka-2011 ngemuva kokusungulwa kwayo egudluza i-IFP okokuqala emlandweni kwaNongoma.
Kuthe ngonyaka ka-2016 akangabe esabuyela ngoba iqembu lalihluleke ukukhokha imali yokungenela ukhetho.
Ukewabhekana nezimpi ezinkantolo ebangiswa isikhundla sokuba ibamba likaMengameli we-NFP ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele KaMagwaza-Msibi.