Isilo singena impi yokulwa namaDelangokubona

Isilo uMisuzulu kaZwelithini uthathe isinqumo sokuhlanganyela noNgqongqoshe ukuba kuliwe namaDelangokubona asolwa ngokuqhwaga imisebenzi kaHulumeni.
Lokhu kwenzeke emhlanganweni obusesigodlweni saseMashobeni ngoMsombuluko ntambama.
Kulo mhlangano iSilo besihanjelwe uNgqongqoshe kazwelonke wezeMisebenzi yoMphakathi uMnuz Dean Macpherson kanye nowesiFundazwe eKZN uMnuz Martin Meyer.
Kulo mhlangano kubhungwe kabanzi ngokuhlupha kwamaDelangokubona okukhalwa ngokuthi aphazamisa imisebenzo yentuthuko ngoba efuna ngenkani ingxenye yomsebenzi.
UNgqongqoshe uMcPherson uthe ukusebenzisana kwabo neNgonyama kuzosiza ekutheni amakhosi akwazi ukulekelela empini yokubhekana namaDelangokubona
“Lo mhlangano esibenawo neNgonyama uzosiza ekutheni amakhosi alekelele ukulwa nobugebengu bamaDelangokubona,” kusho uMcPherson.
UMeyer yena ukhale ngokuthi ubugebengu bokudla imisebenzi kahulumeni nezakhiwo kubeka izimpilo zabaningi engozini.
Uqhube wathi kumanje Olundi kunabantu abangena ngenkani ezindlini zikaHulumeni.
Ukusho lokhu nje uMeyer usesinde amahlandla amabili esatshiswa ngezinhlamvu.
Okokuqala wavuka sekubekwe inqwaba yezinhlamvu eduze kwemoto yakhe.
Akugcinanga lapho kodwa waphinde wabekelwa izinhlamvu emnyango wehhovisi lakhe eliseThekwini.
Kwenzeka lokhu ngemuva kokuphumela obala ngokulwa namaDelangokubona.