Bahlomule ngezinsiza kusebenza abemifelandawonye eZibayeni
Izakhamizi zaseZibayeni ngaphansi kukamasipala iBig Five Hlabisa sezinqume ukuzisebenza ngokwazi ngenxa yokubona ukuntuleka kwamathuba emisebenzi okudangile ezweni.
Lezi zakhamizi kuthe ngoMsombuluko zabayingxenye yokuhlomula ngezinsiza zokusebenza okubalwa kuzo imishini yokugunda utshani, iziqandisi, izingcingo zokubiyela izivande, amabhodwe okuphekela imicimbi emikhulu abaqashwa kuyo namatende nokunye. Abanye Malabo abahlomulile nabayingxenye yemifelandawomnye esisebenza emiphakathini bathe bese kuyiminyaka bebona ukuthi indaba yokuthola umsebenzi ayikho nokwenze baqala ukuzisebenza ngokwabo ukuze bakwazi ukuxosha ikati eziko emakhaya abo.
UNksz Sebenzile MaThabethe-Dlamini uthe ubonga kakhulu ngosizo alutholile ngoba bebeludinga kakhulu enhlanganweni yakhe yomfelandawonye .
"Sijabule kakhulu ukuthi nathi sikwazi ukuhlomula kwazise besizidinga kakhulu izinsiza esizinikezwe uMeya namhlanje,' usho kanje
UMnuz Velemseni Shongwe oyilunga lo mphakathi uthe kuhlomule ngisho nentsha kwezemidlalo ngemifaniswano yokudlala ibhola nokuyinto ebajabulisayo ezokhipha izingane zabo ebugebengwini.
"Kuyinjabulo ukuthi nentsha ihlomulile kwezemidlalo ngoba siyabona namajezi ebhola bebewamukela nokuyinto esenza sijabule ngokuthi ubugebengu kuzoba yinto abahambela kude nayo," kusho uShongwe.
Uthe ziningi nezinhlangano zemifelandawnye ezihlomulile kulolu hlelo kubalwa nemishini yokugunda utshani nokunye okubalulelkile.
Uthe abantu bangakubo imisebenz bayizwa ngendaba njengoba besemakhaya kanti nalabo abasemadolobheni akulungi kahle nokuyinto ebenza babuyelwe ithemba ngemifelandawonye ngoba nayo iyakwazi ukudala amathuba emisebenzi emphakathini.