Scrolla logo
Siza Chat Umngane wakho we-AI ungakhuluma naye mahhala, angeke aqede idatha lakho

Kushone owesilisa ngesikhathi kusha indlu omakhelwane bebukele bengakwazi ukwenza lutho

UThandisizwe Nondlwana (75) ushone eyedwa emzini wakhe ngemuva kokuqubuka komlilo, kanti izicishamlilo zifike sekwephuzile ukuzomhlenga.

Izakhamuzi zithi azikwazanga ukusiza njengoba amanzi ebengekho kompompi, nomasipala uyakuphika ukuthi amanzi aphelile.

Kushone ikhehla elineminyaka engu-75 laseMakhanda ngesikhathi kusha indlu omakhelwane balo bemile bengakwazi ukusiza ngoba amanzi abengekho.

UThandisizwe Nondlwana ushone ngoLwesihlanu ngomhlaka-27 kuNhlangulana, ngesikhathi kuqubuka umlilo emzini wakhe. Umkakhe nezingane ezimbili bebngekho ekhaya ngaleso sikhathi.

Omakhelwane bathi bebeshaqekile ngesikhathi ilangabi lishisa indlu, kodwa bekungekho manzi kompompi abezobasiza ukuwucisha.

UMnuz Nkosinathi Ngesie weZakhamuzi ezikhathazekile eMakhanda uthe: “UNondlwana uvaleleke emlilweni washona kulawo malangabi, ngeshwa omakhelwane abakwazanga ukusiza ngoba bebengenamanzi.

Esinye isakhamuzi sithe amanzi aphuma empompini amahora ambalwa kuphela futhi avame ukuhamba ngaphambi kokuba abantu bafike ekhaya bevela emsebenzini.

Abezicishamlilo babizwe ngezithuba zabo-10:40 ekuseni. Bakwazile ukunqanda umlilo kodwa bathola isidumbu sikaNondlwana ngaphakathi. Amaphoyisa aveze ukuthi ushonile kanti asevule uphenyo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Marius McCarthy usiqinisekisile lesi sigameko.

Okhulumela uMasipala waseMakana u-Anele Mjekula ukuchithile ukuthi awekho amanzi endaweni. Uthe amanzi akhona wathi amathangi athunyelwa ezindaweni ezinezinkinga. Usole ukushoda kwephampu nokuvuza kwamanzi.

Esithombeni esingenhla: Abaholi bezenkolo namalungu omphakathi bezobhonga emswaneni njengoba umndeni wakwaNondlwana ubhekene nobunzima.

Umthombo wesithombe: Facebook

Join our WhatsApp Channel
for news updates