Abafundi bebanga leshumi bangashintsha izikhungo zokuhlolwa uma imibhikisho ibangela inkinga
Cishe isigidi sabafubdi abazobhalela umatikuletsheni bazoqala izivivinyo zabo zokugcina ngomhlaka-13 kuMfumfu, nezinhlelo eziphuthumayo ezilungele ukuvimbela imibhikisho ukuthi ingaphazamisi amaphepha.
Abafundi bebanga leshumi abathintekile yimibhikisho noma okunye ukuphazamiseka bazovunyelwa ukubhala kwezinye izikhungo zokuhlolwa, kanye nezikhulu eziqeqeshwe zilindile.
Inani elizobhala labafundi labangu-962,832 bebanga lika-2026, lizoqala ngomhlaka-13 kuMfumdu kumhlaka-26 kuLwezi ngaphansi kokuphepha okuqinile.
Abafundi bebanga leshumi abazithola bebambeke emibhikishweni bazovunyelwa ukubhala izivivinyo zabo zokugcina kwesinye isikhungo ukuze bangaphuthelwa.
UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uthembise ukuthi akekho umfundi ozosala ngemuva njengoba cishe isigidi sabafundi abazobhalela umatikuletsheni belungiselela izivivinyo zabo zokugcina zesikole.
Izivivinyo ziqala ngoLwesibili, umhlaka-13 kuMfumfu ka-2026, phakathi kokwesaba ukuthi imibhikisho yokulwa nabokufika eKwaZulu-Natal naseGauteng ingabangela inkinga.
Le mibhikisho ilandela isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo mayelana nezicelo zokukhosela.
Izikhulu ziqaphile futhi zenze izinhlelo eziphuthumayo zokugcina izivivinyo ziqhubeka noma ngabe imibhikisho noma isimo sezulu esibi sibangela ukuphazamiseka.
Umqondisi Omkhulu Wezivivinyo Zikazwelonke Nokuhlolwa uPriscilla Ogunbanjo uthe izikhulu zikulungele ukusiza abafundi abahlangabezana nezinkinga.
"Abafundi bazovunyelwa ukubhala izivivinyo kunoma yisiphi isikhungo uma kuvela noma yini. Izikhulu zethu ziqeqeshwe futhi zizohlala zilindile."
UNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo uSiviwe Gwarube uthe umnyango uhlole izikhungo zokuhlolwa ezingaba ngu-7,100 ezweni lonke ukuqinisekisa ukuthi zilungile.
Kuqiniswe nokuphepha mayelana nokulethwa kwamaphepha okuhlolwa.
UGwarube uthe wonke amaphepha emibuzo ahlolwe umnyango futhi avunyiwe Umalusi.
Amaphoyisa kanye nezikhulu zemfundo basebenzisana ukuvikela izinto zokuhlolwa nokuvimbela ukukopela.
Umnyango uphinde wasungula izikhungo zokumaka ezingu-189 futhi waqasha abamaka abafanelekile abangu-51,104 ukuhlola amaphepha nezimpendulo zabafundi.
UGwarube uxwayise ngokuthi ukukopela kanye nezinye izenzo zobugebengu zokuhlolwa ngeke kubekezelelwe.
"Ake ngicacise, i-DBE ithatha indlela yokuthatha isinyathelo, engabekezeleli nhlobo ukungahambi kahle kwezivivinyo." Abafundi nabazali bazocelwa ukuba basayine izithembiso bethembisa ukulandela imithetho yezivivinyo.
Kuphinde kwavulwa ulayini wocingo osebenza amahora angu-24 ukuze umphakathi ukwazi ukubika izenzo ezisolisayo eziphathelene nezivivinyo.
Isigaba sabafundi bakamatikuletsheni salo nyaka yisona esikhulu kunazo zonke kuze kube manje.
Sekukonke, abafundi abangu-962,832 babhalisele ukubhala izivivinyo ze-National Senior Certificate.
Kulaba, abangu-815,051 ngabafundi abafunda ngokugcwele, okuyisibalo esingaphezulu ngabangu-48,508 kunesonyaka odlule.
Abanye abangu-147,781 ngabafundi abafunda ngokwengxenye, okuyisibalo esenyuke ngabangu-10,763 uma kuqhathaniswa no-2025.
Umnyango uthi unezinhlelo zokubhekana nesimo sezulu esibi, imibhikisho yomphakathi kanye nezinye izinkinga ezingavimbela abafundi ukuthi bafike ezikhungweni zabo zokubhala izivivinyo.
Izivivinyo zokugcina zizoqhubeka kuze kube umhlaka-26 kuLwezi ka-2026.