UMbalula uncome ubumbano lwe-ANC eThekwini ezokhankasela umhlobo wakhe
UNobhala Jikelele kaKhongolose uMnuz Fikile Mbalula uhlabeke umxhwele ngobumbano lwamalinga kaKhongolose ekwesekeni ogaqele isikhundla sobukhansela ngaphansi kwesiFunda saseThekwini.
UMbalula ubehambele imikhankaso yomhlobo wakhe ogaqele esobukhansela kwaNyuswa, eward 2 okunguMnuz Siphiwe Bulose ebingoLwesihlanu emini.
Uthe kuyaqala ukuthi eThekwini kubenobumbano nalapho abazoba amakhansela beqokwe ngaphandle kokuthi kuliwe noma kudutshulwane kubekhona ababulawayo.
"Kuthe uBulose uma engithumelela izithombe ngathi kungenzeka ukuthi uyangikhohlisa kodwa manje sengiyazibonela. Kuyaqala ukuthi kubenobumbano olunjena uma kade kuqokwa abazoba amakhansela.
UBulose uyingxenye yohlelo lokuqokwa kwabazomela i-ANC okhethweni obelunokuthula futhi obelungenalo udlame," kusho uMbalula.
Lo mkhankaso kaBulose uthole ukwesekwa ngisho kubaholi beSACP KwaZulu-Natal okubalwa kubo uNksz Nomarashiya Caluza noMnuz James Nxumalo.
UMbalula utshele abantu bakwaNyuswa ukuthi njenge-ANC bayakuqonda ukubamanzonzo kwesimo sokubiza kwezidingo okubalwa ukudla nokunye kuleli. Uthe konke lokhu kudalwe ingxabano kaMengameli waseMelika uMnuz Donald Trump nezwe lase-Iran. Eqhuba uthe kodwa okuhle ukuthi uNgqongqoshe weziMali kuleli, uMnuz Enoch Gondongwane uthathe isinqumo sokwethula umthwalo izakhamizi zakuleli ngemali engu-R10 billion ukuze zikwazi ukumelana nokwenyuka kukaphethiloli nodizili nokunye okungamafutha.
UBulose yena uthe ukungenela ukhetho ukwenze lokhu ngokucelwa abantu.
"Kwathi uma abantu bakithi bengicela ukuba ngingenele ukhetho, ngasithatha isinqumo sokuba ngisebenze nabo. Lokhu ngithe uma sengikwenza sahambela amakhosi nezinduna, amabandla ezenkolo nezinhlangano zezemidlalo ngoba ukuzwa ukuthi bafusa sisebenze kanjani nabo nokuthi nathi sibethulele uhlelo lokusebenza uma sesiphethe," usho kanje.