Scrolla logo
Poco c40

Osanda kudedelwa ngoshwele uzame ukubulala owayengunkosikazi wakhe

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ngosuku uSiphiwe Sibanyoni akhululwe ngalo ngoshwele bekunento eyodwa kuphela emqondweni wakhe: ukubulala owayengunkosikazi wakhe u-Emily Mofokeng.

Ngemuva kwamahora ambalwa ededelwe ngoshwele ngoLwesine ebusuku, umsolwa (36) uye emzini wowayengunkosikazi wakhe ehlome ngesigubhu sikaphethiloli nomentshisi.

Umsolwa owaboshelwa ukweba esitolo nyakenye udedelwe ngoshwele ngoLwesine.

Ugqekeze endlini, washaya u-Emily wase ebhunyela umuzi ngophethiloli ngaphambi kokuwushisa owayengunkosikazi wakhe evaleleke ngaphakathi.

Ngenhlahla u-Emily ukwazile ukusinda kulesi sigameko esesabekayo.

U-Emily (42) uthe ubone ngentukuthelo ebusweni bowayengumyeni wakhe ukuthi ubezombulala.

“Ngizamile ukuxoxisana naye kodwa akazange angilalele, ungitshele ukuthi akukho engingakusho okuzomshintsha umqondo.”

“Bengazi ukuthi uma ngingalwi ngizoshona. Ngithandazile ngicela amandla okulwela impilo yami. Ngivele ngakwamukela ukuthi ngizoshona, noma ngizolwa noma ngiboshelwe ukubulala. Ngiphule ibhodlela likabhiya ukumvimba ukuthi angasondeli eduze kwami ngesikhathi ngizama ukuphuma endlini,” engeza.

U-Emily wengeze ngokuthi umsolwa umgwaze ngento ecijile amahlandla amaningi emzimbeni.

Umsolwa uye wabaleka ngesikhathi ezwa amalungu omphakathi ecela usizo.

Utakulwe emalangabini avuthayo izakhamizi ezifikile zizocisha umlilo zamhambisa endaweni ephephile. Umsolwa naye uphume engenamyocu.

U-Emily uthe wahlukana nomsolwa nyakenye ngemuva kokuhlukumezeka iminyaka eminingi emoyeni, ngokwezimali nasemzimbeni.

“Waqala ukusebenzisa izidakamizwa waphuma endlini wayohlala emigwaqeni ukuze aqhubeke nokudla izidakamizwa futhi wayeka umsebenzi wakhe kahulumeni.

“Bengicabanga ukuthi mhlawumbe ngemuva kokukhululwa kwakhe ejele uzozama ukuqala kabusha impilo yakhe,” enezela.

Ngesikhathi izicishamlilo ziqeda ukucima umlilo, izimpahla zika-Emily bezingumlotha.

Manje u-Emily usekubhaceni ngoba usaba ukuthi owayengumyeni wakhe angase azame ukumbulala futhi.

Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Raider Ubisi, uthe baphenya icala lokushisa kanti umsolwa usagcwele amathafa.

“Sesiphume umkhankaso wokuthungatha umsolwa futhi sinxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi ukuthi aphumele obala,” esho.

Esithombeni esingenhla: U-Emily Mofokeng

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

NokiaC1