Owayengumdlali wamaBhokobhoko ushona ngemuva kwezinsolo zokuhlaselwa inhliziyo

Owayengumdlali wamaBhokobhoko nama-Bulls, uCornal Hendricks, ushonile kanti kusolwa isifo senhliziyo aselwe naso iminyaka.
UHendricks wake wayeka ukudlala ibhola lombhoxo ngenxa yenkinga yenhliziyo, kodwa wabuya ngamandla.
Akasekho emhlabeni uCornal Hendricks, owake waba umdlali wamaBhokobhoko futhi waliyeka ibhola lombhoxo ngenxa yenkinga yenhliziyo, ubeneminyaka engu-37 ubudala.
Imibiko ithi ushone ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo. Kuke kwatholakala ukuthi unesifo senhliziyo eminyakeni edlule, okuke kwamenza angabi bikho enkundleni, kubika i-The Citizen.
UHendricks waqala e-Wellington e-Boland. Udlale kumaBlitzboks ku-sevens rugby, wadlulela kuma-Cheetahs ngokuhamba kwesikhathi wadlulela kuma-Bulls.
Ngo-2014, wadlalela amaBhokobhoko okokuqala. Kodwa ngo-2015, odokotela bathola ukuthi unesifo senhliziyo esingandile. Bamtshela ukuthi ayeke ukudlala ibhola lombhoxo noma azibeke engcupheni yokushona.
“Angikwazi ukukutshela kahle ukuthi yini engalungile ngenhliziyo yami, kodwa umyalezo wezokwelapha kimi ubucace bha yeka ukudlala ibhola lombhoxo noma ubhekane nethuba lokumelwa inhliziyo,” etshela abe-AFP ngo-2019.
Uwuyeke umdlalo eneminyaka engu-27. Lezi zindaba zimshiye edangele.
“Lezo kwakuyizinsuku ezibuhlungu. Bengidlalele i-Blitzboks futhi benginethemba lokuthi ngizoba yingxenye yeqembu kuma-Olympic Games ase-Rio ngo-2016. Kunalokho, ngahlala ekhaya, ngicindezeleke kakhulu, ngingakwazi nokubekezelela ukubuka labo engangidlala nabo ngesikhathi beqhudelana e-Brazil,” usho kanje.
“Ngaqhubeka nokuziqeqesha, kodwa ukuzikhuthaza kwakunzima kakhulu ngoba nganginomuzwa wokuthi wonke umsebenzi onzima engangiwenza awunayo injongo.”
Kodwa uHendricks akazange aphele amandla. Uthole umbono wesibili, wavunyelwa ukuthi aphinde adlale waphinde wathola ithuba ngo-2017.
Usebenze kakhulu wanqoba i-Currie Cup ne-Super Rugby Unlocked neqembu.
Ushiye emhlabeni unkosikazi nezingane ezimbili.
Esithombeni esingenhla: UCornal Hendricks.
Umthombo wesithombe: @Springboks