Owayengumphathi weSafa usebuyile
Owayeyisikhulu esiphezulu seSafa, uTebogo Motlanthe usebuyele esigungwini esilawula ibhola njenge-Chief Operations Officer (COO).
UMotlanthe uthathe isikhundla ebesiphethwe isikhulu esiphezulu uLydia Monyepao, esivuleke kusukela ngoNhlaba wonyaka odlule.
Kubukeka sengathi lokhu kungukushintshana ngemisebenzi, njengoba uMotlanthe noMonyepao beshintshane ngezikhundla. UMotlanthe uzosebenza ngaphansi kukaMonyepao.
“Isikhundla se-COO besihlezi siyingxenye yeSafa kodwa besingenamuntu. Siyajabula ukuthi u-Adv Motlanthe uvumile ukubuya,” kusho uMengameli weSafa uDanny Jordaan etshela abezindaba zale nhlangano.
“Sifuna ukuba namaqembu esizwe awinayo, siqinise imidlalo yezikole, singene kwiFifa Women’s and Men’s World Cups, i-Afcon, ne-Wafcon, sithuthukise indlela esiphatha ngayo futhi sisebenzele nesicelo seFifa Women’s World Cup ka-2031.”
Ngesikhathi uMotlanthe eshiya iSafa ngoNhlaba ka-2023, ubudlelwano bakhe noJordaan base bubhidlikile.
UMotlanthe wayebona sengathi igama lakhe lihudulwa odakeni, bengaboni ngaso linye ngezinqumo ezinkulu, ikakhulukazi ezithinta izimali.
Nokho kubukeka sebekulungisile ukungezwani kwabo, uMotlanthe ujabule ngokubuya.
“Ngijabule ngokubuya ngiyingxenye yeqembu elisebenzela ukwenza iSafa ibe yinhlangano esezingeni lomhlaba,” usho kanje.
Ngemuva kokuhlala izinyanga eziyisithupha esikhundleni sesikhashana, uMotlanthe uchithe iminyaka emibili eyisikhulu seSafa.
Osesithombeni esingenhla: Isikhulu esisha seSafa uTebogo Motlanthe.
Umthombo: Safa