Owayengumqeqeshi we-Arsenal nguye onxenxe iSundowns ukuba iqashe uFolz
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, useveze ukuthi lowo owayeyimenenja ye-Arsenal u-Arsene Wenger waba nomthelela kanjani esinqumweni seqembu sokuqoka uRomain Folz njengephini lomqeqeshi.
UFolz ujoyine iSundowns ngoNtulikazi ngemuva kokushiya isikhundla sokuba yimenenja ye-Fifa lapho ayesebenza khona ngaphansi kukaWenger.
UMngqithi uchaze ukuthi izincomo zikaWenger zidlale indima ebalulekile.
“Uma u-Arsene Wenger emncoma, kusho ukuthi umsebenzi wakhe muhle ngokwanele. U-Arsene akayena umuntu othonyeka kalulu,” kusho uMngqithi etshela iMarawa Sports Worldwide.
“Walethwa ku-Fifa nguWenger, ngahlala ngixhumana naye njalo ngoba ngangazi ukuthi ngifuna ukusebenzisana naye emsebenzini wami olandelayo. Ngiyalethemba ikhono lakhe nendlela aziphatha ngayo.”
UWenger usebe yisikhulu se-Fifa kwezokuthuthukiswa kwebhola emhlabeni kusukela ngoLwezi 2019.
Ukuqeqesha kukaFolz phambilini ku-PSL akuzange kube yimpumelelo, njengoba wagcina eqeqesha kuMarumo Gallants nakuMaZulu isikhashana.
Phezu kwalokhu, uMngqithi ubona ikhono elikhulu kuFolz.
UMngqithi uncome iso likaFolz ngethalente, ephawula ngabadlali abafana noJunior Dion, uToure, noLesiba Nku, abathuthuka ngaphansi kwesandla sakhe.
Mawubheka nje imidlalo ngesikhathi esekuMarumo, uzolibona izinga lakhe,” kusho uMngqithi.
“Ngiyakwazi engikufunayo kuRomain, futhi useqalile ukukuletha. Imibono yabadlali ishintshile ngoba bayabethemba ubuholi bakhe.”
UFolz usesebenza noMngqithi nomakadebona wezokuqeqesha uSteve Komphela eqenjini leSundowns elivuselelwe kabusha.
Esithombeni ngenhla: Isekela lomqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRomain Folz.
Umthombo: Mamelodi Sundowns