Scrolla logo
Siza Chat Umngane wakho we-AI ungakhuluma naye mahhala, angeke aqede idatha lakho

OwayenguNdunankulu waseGauteng ufuna kuqedwe iRoman Dutch Law neBritish Common Law ezinkantolo zamakhosi

OwayenguNdunankulu waseGauteng, uSolwazi Mathole Motshekga uthi sekuyisikhathi sokuba uhulumeni anikeze amandla izinkantolo zamakhosi ukuba kube yizo ezisebenza amacala ezizwe nawemiphakathi ngokwemithetho yesintu engahlanganisiwe nesebenza manje yamaRoma namaNgisi.

UMotshekga ukusho lokhu engxoxweni abenayo nescrolla.Africa mayelana nomthetho ophasiswe ngonyaka ka-2022 wezinkantolo zamakhosi kuleli nawuchaza ngokuthi uyichilo ngoba ususelwa kule mithetho eyafakwa uhulumeni wengcindezelo ngeminyaka yango-1980 yokuphikisana nemithetho yokuzimela kwezobulungiswa ngaphansi kwamakhosi.

Uqhuba uthi isiphakamiso abezanaso esokuba izinkantolo zamakhosi zibuyele kulokhuya kusebenza kwazo kwakudala kokuba icala liqale ezinduneni, lidlulele enkosini bese isigaba sokugcina kube inkantolo enkulu esuke isilawulwa iNgonyama noma INdlovukazi.

“Kuningi okonakala ngesikhathi umbuso wamakoloni uthatha lelizwe ngokwemithetho eyayisetshenziswa amakhosi.

Kwasuka lapho sahlohlwa ngemithetho yamaNgisi namaRoma ngendlela yokuthi ezikoleni zomthetho abafundi bafundiswa ngeRoman Dutch Law noma ngeBritish Common Law. Lapha e-Afrika siyizwekazi okuyilo kuphela elingayisebenzisi imithetho yomsinsi wokuzimilela kodwa sathatha lena yabacindezeli okwakungeyesintu sabo, sayenza eyethu. Yingakho uthola ukuthi uma kunamacala athinta imibango yobukhosi kubanzima izinkantolo ukuba zifike esiphethweni ngendlela efanele. kunalokho kubanemibango engapheli ngoba imithetho esetshenziswa izinkantolo zethu yasentshonalanga ayihambisani namasiko ethu nangendlela yethu yokuphila yesintu nokwenza kushayisane uma sekumele izinkantolo zisebenze amacala ethu,” usho kanje.

Uthi okunye okuyinkinga ukuthi kumanje imithetho ekhona ivele iyabacindezela abantu basemakhaya nabadla imbuya ngothi ngoba kwethulwa izindlela ezintsha zokusebenza ezivuna abantu baseNtshonalanga okungabamhlophe nangakwezobuchwepheshe nokuyilapho sekucaca khona ukuthi sikhulu isidingo sezinkantolo zamakhosi ezisondelene nabantu.

Kuzokhumbuleka ukuthi iTraditional Court Act ngaphambi kokuba iphasiswe ephalamende nasemkhandlwini wezifundazwe kazwelonke,kwasuka umsindo ngayo iqala isawumthethosivivinyo ngonyaka ka-2008.

Amanye amakhosi ayehambisana nayo okubalwa noNdunankulu kaZulu osakhothama, Inkosi Mangosuthu Buthelezi ngoba babethi izovala umthetho wezinkantolo zamakhosi wangonyaka ka-1927 owashawa abacindezeli ukubukela phansi ukusebenza kwemithetho yendabuko.

Kwabanomsindo ngalowo mthethosivivinyo ngenxa yokuthi izishoshovu ezifana noNkk Nomboniso Gasa zalá kwasiphuka izidindi zikhala ngokuthi lowo mthethosivivinyo wawuzocindezela abesifazane basemakhaya nezingane. Kuthe sekuqala ukukhohlakala ngawo, uMotshekga ngesikhathi esengusihlalo wekomiti lezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo ePhalamende, wathi awubuyiswe ezithebeni uzobhungwa kabusha.

Ngemumva kwalokho waphasiswa ngonyaka ka-2022 kodwa ukuphasiswa kwawo, uMotshekga uthi akuhambanga ngohlelo ngoba kwabe sekufakelwa ezinye izigaba ezazisuselwa kwizichibiyelo zezifundiswa zaseWits University ezazithathelani ocwaningweni lwemithetho yomphakathi yaseCanada ebizwa ngeRestoration Law, engahambisani nhlobo nabantu bakuleli.

Uthi lezo zichibiyelo zaseWits zabezesekwa uNgqongqoshe wezobuLunguswa ngezikhathi zobandlululo uMnuz Kobbie Coetzee.

“Okufunekayo manje ukuba kubuyekezwe ezobulungisewa kuleli kanye nomthethosisekelo ukuze kuqhanyukwe nohlelo oluqondile lokusebenza kwezinkantolo zamakhosi ngendlela enesithunzi, bese namanyuvesi ethula izifundo ezizoqondana ngqo nokusebenza kwezinkantolo zamakhosi ukuze kuqedwe lendlela enokudideka yokusetshenziswa kwemithetho yamaNgisi namaRoma ezintweni zethu,” usho kanje.

Join our WhatsApp Channel
for news updates