Owayeyisihlabani seBafana uMorula udutshulwe washona
Owayengumdlali weBafana Bafana uLebogang Morula (57) ushonile ngemuva kokudutshulwa ngaphandle komuzi wakubo eMmakau, eNorth West, ngoLwesithathu ebusuku.
Lesi sihlabane esadlalela iJomo Cosmos sishone ngemuva kokudutshulwa amanxeba amahlanu.
Owayengumdlali we-Orlando Pirates uDavid Makgale owayekwiNorth West Masters Association kanye noMorula ukuqinisekisile ukushona kwalo mdlali.
“Udutshulwe washona ngabo-7.30 eMmakau izolo ebusuku. Udutshulwe amahlandla amahlanu, izinhlamvu zadlula evenini yakhe,” kusho uMakgale etshela iKickOff.
“Ubevala isango eyothenga ugesi ngesikhathi umsolwa emdubula. Ubesethuthele eMmakau ezohlala nomama wakhe.
“Silahlekelwe isihlabani sangempela, ubengumdlali wokuqala wase-Brits ukudlala eNdebeni yoMhlaba ngo-1998.
“Uhlale ematasa neMasters lapha eNorth West. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi simnika umngcwabo ohloniphekile.”
UMorula wayeyingxenye yeqembu leBafana Bafana elaya ku-Fifa World Cup ngo-1998 nakuba umsebenzi wakhe eqenjini lesizwe washeshe waphela
Wake wadlala e-Colombia ku-Once Calas waphinde waya kwi-Aurich-Canana yase-Peru.
E-Europe udlale e-Turkey kwi-Vanspor waphinda wadlala kuCosmos.
Nokho ngemuva kokuthatha umhlalaphansi uMorula ubenesandla ekuphuleni umthetho, ngo-2014 nango-2015 waboshelwa ukugebenga nokweba izimoto kodwa amacala ahoxiswa.
Isithombe esingenhla: Umufi uLebogang Morula ngesikhathi ekwiJomo Cosmos.
Umthombo: X