Owesifazane waseKenya useqophe umlando omusha ephula irekhodi lomhlaba
URuth Chepngetich wase-Kenya uphule irekhodi lomhlaba labesifazane kwi-Chicago Marathon ngeSonto, wawina ngo-2:09:56.
Lo msubathi oneminyaka engu-30 ubudala wephule irekhodi likaTigist Assefa langaphambilini lika-2:11:53 alishaya kwi-Berlin Marathon yanyakenye, kanti manje usengowokuqala ongowesifazane ukuphula irekhodi lika-2:10.
UChepngetich ugijime amakhilomitha amahlanu okuqala alo mjaho ngemizuzu engu-15 ngaphambi kokuqeda ingxenye yokuqala yomjaho ngo-1:04:16.
Ngemuva kokunqoba lo mjaho ngo-2021 nango-2022 nokuqeda endaweni yesibili nyakenye, kucace zisuka ukuthi lona kuzoba wumjaho okhethekile kubasubathi basemgwaqeni.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu. Ngiyaziqhenya ngami futhi ngibonga uNkulunkulu ngokunqoba ngerekhodi lomhlaba,” kusho uChepngetich etshela i-NBC Chicago ngemuva komjaho.
“Leli yiphupho lami eselifezekile. Ngilwa kakhulu ngicabanga ngerekhodi lomhlaba, futhi sengiliqophile futhi ngiyabonga.”
UChepngetich udlulisele ukuwina kwakhe kuzakwabo wase-Kenya nophethe irekhodi lomhlaba uKelvin Kiptum, owashona kabuhlungu engozini yemoto ekuqaleni kwalo nyaka.
“Irekhodi lomhlaba selibuyile e-Kenya. Ngidlulisela leli rekhodi lomhlaba kuKelvin Kiptum,” engeza.
UChepngetich uzitholele u-$100,000 (cishe u-R1.76-million) ngokuwina lo mjaho kanye no-$50,000 owengeziwe (cishe u-R878,000) ngokwephula irekhodi lomjaho.
Osesithombeni ngenhla: URuth Chepngetich.
Umthombo: @rigathi