Scrolla logo
Siza Chat Umngane wakho we-AI ungakhuluma naye mahhala, angeke aqede idatha lakho

Sesiphenduke imvunulo yabantukazana isikhumba seNgwe okumele sigqokwe abaNtwana baseNdlunkulu

Ayijabule neze iNdlunkulu kaZulu ngabantu asebegqoka izikhumba zengwe ekubeni kuvumeleke abaNtwana basebukhosini kuphela ukuvunula ngengwe.

Ukuvungama kweNdlunkulu kudalwe ukwanda komkhuba osisabalele wokuvunula ngesikhumba sengwe .
Abantu abaningi uma benemicimbi yesintu noma imishado sebevunula baconse ngesikhumba sengwe.

Iningi elenza lokhu yilaba abayizigwili abanye asebezibona bengamakhosi ngenxa yokuba nemali.

Abanye abaNtwana baseNdlunkulu kaZulu bakhulume neScrolla.Africa bekhononda ngalo mkhuba.
Bathi isikhumba seNgwe akusiso esikanoma ubani kodwa sigqokwa eNdlunkulu futhi nakhona kuba abafowabo beNgonyama nezingane zayo noNdunankulu.

iNgonyama esihlalweni okuyiSilo uMisuzulu kaZwelithini ivunula ngesikhumba sebhubesi esalibulala eHluhluwe ngesikhathi izofakwa esibayeni ihlezi ivunule ngaso isikhumba seNgwe.

Omunye wabaNtwana uBukhosibemvelo kaZwelithini uthe sekuyadingeka lo mkhuba ukhuzwe ngoba kungukwephula umthetho lokhu okwenziwa abantu nokungayihloniphi iNdlunkulu.

“Sekuyisikhathi sokuba lo mkhuba ukhuzwe ngoba awulungile futhi uthunaza iNdlunkulu. Kungabakuhle abantu bahlukane nawo ngoba iqiniso limile ekutheni iNdlunkulu neSilo abavunula ngeNgwe. Nathi lezi esinazo saziphiwa ubaba sinomntwana uNomkhosi noNtandoyesizwe njemgesipho esikhethekile,” kuchaza uMntwana.

Join our WhatsApp Channel
for news updates