UTatjana Smith uwine icala mayelana nokukhokhwa kwenzalo yemali yomklomelo
I-Swimming South Africa ivumile ukukhokhela uTatjana Smith inzalo ayethi uyayikweletwa emalini yomklomelo eyayibanjwe isikhathi esingaphezu konyaka.
I-Swimming South Africa ivumile ukukhokhela uTatjana Smith inzalo athi uyayikweletwa emalini yomklomelo.
USmith usafuna imibhalo echaza ngesivumelwano se-Swimming SA nenkampani i-Arena, nokuthi lokho kuthinta kanjani amalungelo abasubathi okuthola abaxhasi.
I-Swimming South Africa ivumile ukukhokhela umpetha wama-Olympic uTatjana Smith inzalo ayethi uyayikweletwa emalini yomklomelo eyayibanjwe isikhathi esingaphezu konyaka.
Ngokusho kwe-Daily Maverick, lesi sivumelwano senziwe ngemuva kwencwadi ecela inkokhelo ethunyelwe nguSmith nomyeni wakhe uJoel ngokusebenzisa ummeli uWian Spies.
USpies uthe yonke inzalo izokhokhwa, kodwa akazange ayidalule inani layo.
Le ngxabano iqale ngemali yomklomelo uSmith ayithola emqhudelwaneni i-World Aquatics Championships yango-2023.
Uthole u-$15,000 ngendondo yesiliva emncintiswaneni wokubhukuda u-100m breaststroke kanye no-$20,000 ngendondo yegolide emncintiswaneni ka-200m.
Abammeli bakhe bathi i-Swimming SA yayibambe le mali isikhathi esingaphezu konyaka ngaphambi kokuba ekugcineni iyikhokhe ngo-2024.
Bathi inkokhelo yayingafaki inzalo eyatholakala ngesikhathi inhlangano ibambe le mali.
Umphathi wezokuqhutshwa kwemisebenzi kwa-Swimming SA, uMafata Modutoane, wasolwa encwadini yezomthetho ngokuthi uthe uyigcine le nzalo njengemali yokukhokhela ukuphatha ("management fee").
Kamuva uModutoane waphika ukuthi uyigcinile le mali.
Nakuba ingxabano ngenzalo isiya ekupheleni, ukulwa kukaSmith ne-Swimming SA kuyaqhubeka.
Abammeli bakhe bafuna imibhalo ekhombisa lokho i-Swimming SA evumelana ngakho nenkampani zokubhukuda i-Arena.
Baphinde bafune imigomo nemithetho echaza ngezimpahla okumele zigqokwe kanye namarekhodi ezinhlawulo ezikhokhiswa labo abasebenzisa ezinye izinhlobo zemikhiqizo.
USmith wake wabhekana nesiphakamiso senhlawulo engu-€46,000 ngemuva kokuncintisana egqoke izingubo zokubhukuda zakwa-Speedo kodwa efake ikepisi lakwa-Arena. Abammeli bakhe bathe inhlawulo yabe isihoxiswa kamuva.
USpies manje useyidlulise lolu daba ku-Information Regulator ngemuva kokuthi i-Swimming SA kuthiwa yehlulekile ukuphendula isicelo esisemthethweni solwazi ngesikhathi esibekiwe.
Ithimba labammeli bakaSmith lithi isivumelwano se-Arena singase sithinte ikhono labasubathi lokwenza imali kubaxhasi babo.
I-Information Regulator manje kumele inqume ukuthi ngabe i-Swimming SA kumele iyalwe yini ukuthi ikhiphe eminye noma yonke imibhalo eceliwe yini.
Esithombeni esingenhla: uTatjana Smith.
Umthombo wesithombe: Ifayela