UKhumalo udalula ukuvakasha okuyimfihlo kwamaphoyisa emzini kaKT Molefe

ULieutenant General Dumisani Khumalo ukhombise ubufakazi bevidiyo ye-CCTV yamaphoyisa evalashele emzini kaKatiso Molefe osolwa ngokuba ngumphathi wabadayisa izidakamizwa ngaphambi kokuba aboshwe.
Ikhomishana iphinde yezwa ubufakazi obuphakamisa ukuthi kube nokusebenzisana phakathi kwezikhulu eziphezulu ezithinteka ecaleni likaMolefe.
ULieutenant General Dumisani Khumalo ubuyele kwiKhomishini kaMadlanga ngoLwesibili nobufakazi obusha mayelana nenkohlakalo eyenzeka emaphoyiseni.
Wethula ividiyo ye-CCTV kusukela ngomhlaka-27 kuLwezi nyakenye ekhombisa uSergeant F.E. Nkosi efika emzini e-Sandhurst walowo osolwa ngokupha umphathi wabadayisa izidakamizwa uKatiso “KT” Molefe ngemoto yombuso yohlobo lwe-BMW emhlophe.
Ngemuva kwemizuzu eyisishiyagalolunye, uNkosi ubonakala ehamba noMolefe. Esandleni ubephethe I-paper bag emhlophe ayengayiphethe ngesikhathi efika. Obekuphakathi kuleli phepha namanje akwaziwa.
UKhumalo utshele ikhomishini ukuthi lokhu kuvakasha kwenzeka ezinsukwini eziyishumi ngaphambi kokuboshwa kukaMolefe futhi kungase kukhombe ukushintshana ngemali noma ngamaphepha abalulekile.”
Uphinde wethula namarekhodi anezinombolo ezikhombisa iBMW kaNkosi ihamba izikhathi eziningi ilandela iToyota Hilux emhlophe ebhaliswe kulowo owayeyiPhini likaKhomishana kazwelonke uShadrack Sibiya. UKhumalo uthe lokhu kuphakamisa ukuxhumana phakathi kwamaphoyisa womabili.
UKhumalo utshele ikhomishana ukuthi ithimba lakhe lezobunhloli alibahlanganisi oKlebe ekuboshweni kukaMolefe ngenxa yokuputshuka kodaba. “Ukuputshuka kodaba bekungaveli ezigebengwini, kodwa bekuphuma ezikhulwini eziphezulu abasebenzisana nazo,” usho kanje.
Ukulaelwa kwecala kumiswe isikhashana ngemuva kokuthi izingxenye zesitatimende sofakazi bakaKhumalo zivele ku-inthanethi. Izikhulu zithe zikhathazekile ngokuphepha kofakazi ngaphambi kokuqhubeka.
Ikhomishini izoqhubeka kuleli sonto njengoba abaphenyi bezobhekw ukuthi uSergeant Nkosi waphuma ephetheni emzini kaMolefe ngalobo busuku.
Esithombeni esingenhla: Isithombe esithathwe ku-CCTV eveza ukuvakasha ekhaya likaMolefe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe