Scrolla logo
Izindaba

Umdlali osemusha webhola lombhoxo laseFrance uduke kumagagasi aseNingizimu Afrika

UMehdi Narjissi, umdlali webhola lombhoxo wase-France (17) uduke ngesikhathi ebhukuda ngaseCape of Good Hope ngemuva kokukhukhulwa yigagasi ngesikhathi iqembu livakashile.

Izikebhe nezindiza ezinophephela emhlane zisetshenziswa ukubheka lo mdlali.

I-French Rugby Federation (FRR) iziqinisekisile lezi zindaba.

“UMehdi Narjissi, umdlali we-Stade Toulouse ovakashele eNingizimu Afrika ukuyoqhudelana ku-International Series neqembu lase-France labesilisa abaneminyaka engaphansi kwe-18, unyamalele,” kubika le nhlangano.

“Ngehora lesine ntambama ngoLwesithathu, uthathwe yigagasi ngesikhathi ebhukuda nozakwabo. Abezokutakula bayasebenza ukuze bamthole.”

UMehdi uyindodana kaDjalil Narjissi, umdlali webhola lombhoxo odumile.

I-FRR isekela iqembu nomndeni kaMehdi ngalesi sikhathi esinzima.

Iqembu lase-France labaneminyaka engaphansi kwengu-18 liseKapa ku-U18 International Series, lapho kufanele lidlale khona neNingizimu Afrika, i-England, kanye ne-Georgia.

Isithombe esingenhla: UMedhi Narjissi.

Umthombo: X