Umfana udubule wabulala umngane wakhe ngesibhamu sikababa sokuzakhela

Ubaba uvumile emaphoyiseni ukuthi ushiye isikhali sihlohliwe ekhabetheni lakhe ngaphambi kokuya edolobheni.
Sekungokwesibili ezinyangeni ezimbili ukuthi ingane idubule enye ingane endaweni yaseMqanduli.
Kushone enye ingane eMqanduli ngemuva kokudlala ngesibhamu esishiywe budedengu.
NgoLwesithathu ekuseni, umfana (14) udubule wabulala umfana (11) emzini osePhezukweWilo.
Isikhali bekuyisibhamu sokuzakhela esenziwe uyise ekhaya.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Welile Matyolo uthe amaphoyisa abizwe endaweni yesigameko ngo-10.30 ekuseni. Ngesikhathi befika, umfana oneminyaka engu-11 ubeseshonile endlini.
Uyise womsolwa osemncane uvumile emaphoyiseni ukuthi usishiye sihlohliwe.
“Uyise ukuqinisekisile ukuthi ushiye isibhamu sihlohliwe ekhabetheni le-headboard ngesikhathi eya edolobheni,” kusho uMatyolo.
Umsolwa oneminyaka engu-14 ubudala uqale wabaleka ngemuva kwesigameko. Nokho, uyise kamuva wamthola wamnikela emaphoyiseni.
Kumanje lo mfana ubhekene necala lokubulala.
UMatyolo uthe amaphoyisa kungenzeka abeke ubaba icala futhi.
Akukhona okokuqala lokhu kwenzeka kule ndawo muva nje.
NgoMfumfu, umfana oneminyaka eyisishiyagalombili wadubula wabulala umzala wakhe oneminyaka eyisikhombisa endaweni yaseNothintwa, eMqanduli.
Kuleso simo, ingane ithole isibhamu sikayise esinelayisensi ekamelweni, yasihlohla ngesikhathi idlala. Ubaba ubekwe icala lokwehluleka ukuvikela isibhamu.
Esithombeni esingenhla: Isibhamu esisetshenziswe ukudubula isisulu esineminyaka engu-11 ubudala.
Umthombo wesithombe: SAPS