UMntwana uThulani uphika “eyokudayiswa” kweBergville noMnambithi eLesotho

Obekhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini uthi kungamanga aluhlaza ukuthi wenza isimemezelo sokuthi ingxenye yomhlaba kaZulu osoThukela izonikezelwa iLesotho.
UMntwana uThulani Zulu waseZibindini ukusho lokhu echitha imibiko yokuthi yena wenza isimemezelo ngaphambi kokuba axoshwe esikhundleni sokuthi iBergville,uMnambithi nezinye izingxenye sezizoba ngaphansi kweLesotho.
“Kuyishwa ukuthi kubenabantu abangikhulumela into engekho bethi mina ngithe kunomhlaba kaZulu ozonikezelwa iLesotho.
Le nkulumo idukisa isizwe futhi ayilona iqiniso ngoba angikaze ngikusho mina konke lokhu,,” kusho uMntwana uThulani.
Ukusho lokhu nje umhlaba kaZulu ukewabangwa izwe laseSwatini ngonyaka ka-1982, lapho babefuna ukuthatha ingxenye yaseJozini ukuze ubengowakwaNgwane.
Lokhu kwakwenziwa uHulumeni wamabhunu owawuzama ukuvala indaba yamasosha oMkhonto weSizwe ayelwa nobandlululo, njengoba ngaleso sikhathi uHulumeni wengcindezelo ayefuna ukuthi akwazi ukuvinjwa engafinyeleli eSwatini.
Le mpi yagcina ngokuthi uMntwana wakwaPhindangene afake udaba enkantolo nokuyilapho kwachithwa khona uHulumeni wengcindezelo kulolu daba.
Lokhu kwaholela ekutheni kwakhiwe isigodlo saseMachobeni, eNgwavuma ukuqinisa ukuthi kusengumhlaba weSilo wonke lo waseJozini naseNgwavuma.
Kumanje amaSwati ayaluvusa lolu daba njengoba efuna ukuba lo mhlaba waseNgwavuma nowaseMpumalanga ubuyele eSwatini ngoba bathi wadliwa ngesikhathi kuhleli ingqungquthela yaseBerlin eyayiklama imingcele ngezwekazi i-Africa.