Scrolla logo
Siza Chat Umngane wakho we-AI ungakhuluma naye mahhala, angeke aqede idatha lakho

INdlulamithi noGayton Mckenzie bavule ibhola laseNyokeni ngaphandle kukaMntwana uSimakade kaZwelithini

Celani Sikhakhane

INgonyama kaZulu ithi isakhiwo sezigidi esisuse umsindo eNyokeni sizosiza imiphakathi ukukhangisa nokwenza imishado njengoba sesigcine sesivulwe ngokusemthethweni.

NgoLwesihlanu uNgqongoshe wezeMidlalo,ezobuCiko namaSiko uMnuz Gayton Mckenzie udlulisele leli bhola lesakhiwo eSilweni uMisuzulu kaZwelithini emcimbini obuseNyokeni.

Lo mcimbi wenzeke ngemumva kokuthi abaningi bebesabalalisa ukuthi uMntwana uSimakade kaZwelithini kanye noNdlunkulu ukaMchiza waseNyokeni abazukuvuma ukuba iSilo sizovule lesi sakhiwo njengoba kwaphoqa ukuba sithuthele imigubho kaZulu eMashibeni ngenxa yokungezwani.

UMckenzie uthe ukuvulwa kwalesi sakhiwo esasenzelwe izintombi zomhlanga kuwuphawu lokuvuselela ubumbano nokuqhakambisa imikhosi kaZulu Kanye nesizwe sonkana.

"Lokhu kuwuphawu lokuba kuqhakanjiswe imikhosi namasiko esizwe samaZulu azobe egcinwa kuso lesi sakhiwo alesisizwe esibalulekile eNingizimu Afrika," kusho uMckenzie.

Ingonyama ithe leli bola alizukuba isichuse nje esidle imali yabakhokhibentela mahhala kodwa sizolekelela kakhulu emikhosini kaZulu kanye nasemibuthanweni yomphakathi okungaba eyosomabhizinisi, imishado, eyezikole, eyokwethweswa amajazi neminye ebalulekile kanye neyezemidlalo. "Siyathemba ukuthi uHulumeni uzolekela ngesabelo sokuba kubenesiqiniseko sokuthi lesi sakhiwo sihlala sisesimeni esamukelekile nesihambisana nezinga esukulo njengamanje," kusho Ingonyama.

Kulo mcimbi kubonakale noNdlunkulu ukaMchiza okokuqala ehambele umbuthano weNgonyama ebusayo njengoba kuthiwa uhlale eyiduba imicimbi yeNdlulamithi ngoba ayekholelwa ekutheni isihlalo esikaZondamagwala okunguMntwana uSimakade kaZwelithini.

UNgqongqoshe uMckenzie ubuye wanikezela ngamaguqa amabili eSilweni njengendlela yokukhuleka esihlalweni.

Join our WhatsApp Channel
for news updates