Iyavutha indodakazi kaMdlokombane ngomfanekiso ophendula amakhosi akwaZulu izicashalala zosopolitiki
Iyavutha indodakazi kaMdlokombane ngomfanekiso okhombisa ukwedelela amakhosi nokuwenza izicashalala zosopolitiki nobukhangiswa ngesikhathi kuvulwa isakhiwo saseNyokeni kwaNongoma ngoLwesihlanu.
Lo mfanekiso obudonsa amehlo ubazalwa ngogodo iciko lasoNdini ebeyingxenye lalabo abebekhangisa ngemisebenzi yezandla zabo kuzinkumbi zabantu abebehambele lo mcimbi waseNyokeni kaNgqongqoshe uGayton Mckenzie neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Leli ciko lenze imifanekiso ebaziwe okungekaMengameli wokuqala wentandoyabantu uMnuz Nelson Mandela, uMengameli uCyril Ramaphosa, umphathi weMKP nowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, uMntwana wakwaPhindangene iSilo uMisuzulu kaZwelithini neNgonyama ebuzile uMdlokombane.
Okucasule uMntwana uBukhosibemvelo kaZwelithini wakwaKhangela Amankengana ukuthi umfanekiso wamakhosi okungumdlokombane, uMntwana wakwaPhindangene neSilo iNdlulamithi benziwe bebebafishane njengamadwafu kwathi uMandela no Ramaphosa babazwa bababade njengezikhondlakhondla. "Lento iyacasa ngoba njalo uma kwenziwa imifanekiso yokuhlonipha osopolitiki benziwa babeyizikhondlakhondla njengoba ubona lona ka-OR Tambo oseThekwini ngasoLwandle. Okungicasule kakhulu ukuthi ubabawami umfanekiso wakhe wenziwe ubeyileyanto kubesengathi inkosi yonke yesizwe samaZulu ikhothama kosopolitiiki.
Uyabona nje futhi lento ingidina kabi ngoba kusetshenziswa wona lamaciko ukudicilelaphansi isithunzi samakhosi futhi ngifuna ungitholele inombolo yalo leli siko lasoLundi elenze lento ukuze lichaze ukuthi beliqondeni," usho kanje.
Uqhube wathi lomkhuba awuqali ngoba kunomunye umfanekiso okuthiwa okaMdlokombane osoNdini kodwa ongakavulwa nawo okucacayo ukuthi kuzovulwa ushoti bese kuthiwa uMdlokombane.
Uveza nokuthi uyise kade ayeyilwa lento yokungahlonipheki kwamakhosi njengoba phambilini akhala ngomfanekiso weLembe owabekwe esikhumulweni sezindiza iKing Shaka.
Lo mfanekiso owagcina ususiwe, wawuveza iLembe liseduze kwenkomo futhi lilifishane nokwavusa ulaka uMdlokombane wathi baphendula iLembe umfana wezinkomo.
AboMnyango wezobuCiko, AmaSiko baziqhelelanisile nalo mfanekiso obaziwe njengoba bethi kabahlangene nawo.
Okunye okuqaphelekile ukuthi nomfanekiso kaZuma wenziwe wabamfishane waphinde wagqokiswa imifaniswano yeqembu lakhe leMKP.