Ukubuyekezwa kwe-Nokia entsha




Lubhalwe nguToby Shapshak

Abakwa-Nokia bebelokhu benza omakhalekhukhwini abaqinile futhi abasebenza kahle kakhulu. Isethi entsha ewuhlobo lwesibili lwe-Nokia C1 iyisibonelo esihle salokhu.

Ayibizi kakhulu ingu-R999 futhi inezinto ongavamile ukuzibona ngaleli nani lemali: njengokuveza ubuso phambi komakhalekhukhwini ukuze uvuleke. Lokhu kusebenza ngekhamera yangaphambili engu-5MP, nombani okhanya uma ushutha kanye nezinye izinto ezingatholakali ngale ntengo.

Izingabunjalo layo liqinile, ine-RAM engu-1GB, kanye nesikhala sangaphakathi esingu-16GB futhi ungakwazi ukwengeza isikhala ngekhadi le-MicroSD size sifike ku-128GB. Ifaka amakhadi amabili, okusho ukuthi ungawafaka womabili ngesikhathi esisodwa- futhi mhlawumbe ungafaka nekhadi lakwa-Rain endaweni eyodwa ngenxa yedatha lamanani aphansi.

Ikhamera yangemuva ingu-5MP nayo futhi iyakhanya uma ushutha, futhi womabili amakhamera athwebula ngohlobo oluyi-HD+ okungu-720 X1440 uma umile noma wenza ividiyo. Izithombe ezingakhanyi kakhulu nazo ziba zinhle uma zisizwa ukuba endaweni edonsa ukukhanya. Isikrini esingama intshi angu-5.45 sinokucaca kwe-HD+ uma ufona ngevidiyo noma uyibuka.

Lo makhalekhukhwini uyisakhiwo esiqinile okusho ukuthi uzohlala isikhathi eside noma iminyaka. Okujabulisayo ukuthi ibhetri yalomakhalekhukhwini engu-2500 mAh iyakhipheka. Lokho kuwusizo kakhulu uma ufuna ukuba nebhethri eliyisipele bese uyalishintshanisa. Yilokhu engikuthandayo nge-Nokia.

Isebenzisa i-Android 11 (Go edition) kanye nokuvikeleka okwengeziwe kokuyivula ngobuso okunamandla e-AI, abakwa-Nokia abathi kusho ukuthi “noma yini onayo ocingweni lwakho, ihlala ngokuphepha ocingweni lwakho”. Isasebenzisa ishaja endala ye-Micro USB futhi ine-WiFi esebenza kahle kakhulu.

Umbala womakhalekhukhwini uluhlaza okwesibhakabhaka futhi unesisindo esingu-154g kuphela.

Uhlobo lwesibili lwe-Nokia C1 luqinile futhi alubizi kanti inamathuluzi ahloniphekile namakhamera ashutha kahle..